close
Jump to content

Ukungcwetiswa

Kubuya ku Wikipedia

Ukungcwetiswa kusho inkathi lapho umuntu ehlonyiswa ngobungcweti bomsebenzi sikhathi esilinganiselwe yomhlangano ethile. Leli gama lalisebenza kulabo abathweswe iziqu kwezokwelapha, manje lisetshenziselwa uqeqesho lwezikhundla eziningi kwezohwebo, ezinhlanganweni ezingenzi nzuzo, izinhlangano zikahulumeni nakumaqembu ezombusazwe. Ngokuvamile ukungcwetiswa kwenzelwe abafundi kanye nabagogode emanyuvesi abafuna ukuthola amakhono afanele kanye nobungcweti bomsebenzi emkhakheni othile. Abaqashi bayazuza ngokungcwetisa ngoba bavame ukuthola abasebenzi abayingqanda kulabo abangcwetiswayo, abanamakhono aziwayo, ngaleyo ndlela boNga isikhathi nemali ngokuhamba kwesikhathi. Ukungcwetisa kuvame ukuhlelwa yizinhlangano zeqembu lesithathu eziqasha abazongcwetiswa egameni lamaqembu ezimboni. Imithetho iyahlukahluka emazweni ngamazwe mayelana nokuthi abangcwetiswayo kufanele babhekwe nini njengezisebenzi. Uhlelo lungaxhashazwa abaqashi abangenazimiso.[1][2]

Ukungcwetiselwa umsebenzi wobungcwepheshi kuyafana ngezindlela ezithile.

  1. Woolston, Chris (2015-06-03) (in en). Unpaid research jobs draw criticism. p. 131. https://www.nature.com/articles/522131f.
  2. Solomon, Maddie (2022-06-30) (in en). Unpaid and Overworked: A Study of Unpaid Internships, Labor Law, and the Long Struggle for Fair Treatment in the American Workplace. https://nyuappr.pubpub.org/pub/qxez0n11/release/2.