close
Jump to content

Ubuncondi

Kubuya ku Wikipedia

'Ubuncondi, ukukopola, ukunconda noma ukujeqeza, njengengxenye yomkhakha wezobunhloli, isenzo sokuthola ezimfihlo, noma ngandlela thile ukwaziswa okubalulekile. Lokho kwaziswa okunjalo kubizwa ngokuthi ulwazi lezobunhloli. Ingcwepheshi eqeqeshelwe ukwenza imigidingo yobunhloli nguhulumeni ingase iqashwe njengenhloli noma umkopoli okanye umncondi. Ubuncondi bungenziwa ezweni langaphandle, ngaphakathi noma buqamama. Lo mkhuba ucashile futhi uyimfumbe, njengoba ngokwencasiselo ungamukeleki. Kwezinye izimo, kungaba yithuluzi elingokomthetho lokuphoqelela umthetho futhi kwezinye, kungaba okungekho emthethweni futhi okujeziswa umthetho.

Ubuncondi buvame ukuba yingxenye yomzamo wezikhungo zikahulumeni noma iminako yezentengiselwano.