close
Jump to content

Intaba

Kubuya ku Wikipedia
BERJAYA
Intaba

Intaba iyingxenye yobuso bomzulane ephakeme kakhulu, ngokuvamile inamacala ayimimango agangalaze izindonga namadwala. Intaba ivame ukuhlukaniswa kunegquma, futhi ithathwa njengenesiqongo esiphakeme kunesegquma. Impakamo eyamukelwe yileyo yamamitha angama-300 ngaphezu kwendawo ezungezile, namamitha angama-610 ngaphezu kwenzalasha yolwandle. Izintaba zingaba nesiqongo noma zibe nocengece oluncane nempakama ephezulu nemimango emaceleni. Zimbalwa ezineziqongo eziqhingiwe, iningi lazo zitholakala ezintabeni eziwundi.

Izintaba zakhiwa ngeziphoqi zokuzabazaba, ukuguguleka kwemvuthuluka noma ukuqhuma kwezintabamlilo, futhi kuphela iminyaka eminingi ngaphambi kokuthi intaba ibe khona. Lapho ukwakheka kwentaba kupheza, izintaba zizoqala ukubhekana nomdludlungu wokuzulenza olusilili, ngokukhininindeleka nezinye izinhlobo zokudleka kwazo, kanye nokugugulwa imifula nangamaqeqeba.

Izimpakama eziphezulu zezintaba zibanga isimo sezulu samakhaza ukwedlula izindawo ezikunzalasha yolwandle. Lezi zimo zezulu zikhinyabeza impilandawonye yezintaba: ehlanganisa izitshalo nezilwane ezihlukile kuye ngokuphakama kwentaba. Izintaba okunzima ukuba kumile bona kuhlale izilwane kuzo, zisetshenziselwa ukuvukuza izimbiwa noma zisetshenziselwe ezokuzilibazisa njengokuqwala intaba, Uma ineqhwa ukushesheleza phezu kwalo.

Intaba ephakeme kunezinye eMhlabeni ibizwa ngentaba i-Everest, e-Ashiya, futhi iphakeme ngamamitha ayizi-8,850 phezu kwenzalasha yolwandle.

Ngokuya ngosolwazi noma ososayenzi bemvelo bathi izintaba zadalwa yizintabamlilo ezenzeka uma kuqubuka okusatshe noma okusamdoko kuphuma emathunjini omhlaba kuphumele ngaphandle, bese ngemva kokuthi kome kuphenduke inhlabathi namatshe. Ngokwenkolo intaba yadalwa nguNkulunkulu, lapho uMvelinqangi ahlala khona, axhumana khona nomuntu. Kungakho intaba kuyinto eligugu kubantu abamnyama. Intaba ibaluleke kakhulu kubantu ngoba uma uphezu kwentaba uyakwazi ukubona yonke into ephansi, kanti emandulo intaba yayisetshenziselwa ukuqapha izitha ezingase zihlasele isizwe. Yingakho izinhloli zazihlala entabeni ukuqapha noma ukuvikela isizwe. Izintaba kunezintaba ezingamagugu, esizweni samaZulu, njengentaba yaseSandlwana, eMajuba eKhongela,izintaba zoKhahlamba. Ziningi izimpi ezaliwa lapho, angeke uwuqede umlando wamaZulu uma ungakhulumanga ngezintaba. Ngisho nasebhayibhelini ikhona intaba eyayibizwa ngkuthi yintaba yaseSinayi lapho uMoses ahlangana khona noNkulunkulu. U-Abrahama naye wahlangana noThixo entabeni, uma uMoses wasebhayibhelini wayehlangana noNkulunkulu ngasentabeni. Amasonto amaningi athatha intaba njengendawo engcwele, yingakho amasonto amaningi abekwe ezintabeni ezithize. Zikhona nje izintaba ezingamagugu ezizweni eziningi, isibonelo isizwe samaZulu, sinezintaba ezingamagugu njengezintaba Zokhahlamba, iMajuba nezinye izintaba. Kanti nesizwe samaNdebele naso sinazo izintaba ezingamagugu njengoMadlayi (intaba kayikhonjwa),uWuba noMhlopheni,iMkobola nezinye iintaba ezinomlando wesizwe.

Amagama esiZulu ahlobene nentaba

[hlela | Hlela umthombo]

Arête - iBhoshongo

Cirque - umQakulo

Crevasse - umTshako kuQeqeba

Cove - isiGodisi

Dirt cone - umGubhuqu

Drumlin - isiDundukezo

Drumlin field - iLima lesiDundukezo

Esker - inJonjela yolunge

Fjord - iNgenela elimaqele

Fluvial terrace - umKhwelombe wokugudlwa

Glacial horn -uPhondo lweQeqeba

Glacier - iQeqeba

Glacier cave - umGede weQeqeba

Glacier foreland -

Hanging valley - isiGodi esinyonga

Hill - iGquma

Kame - isiCakafu

Kame delta - iNtathungo yesiCakafu

Kettle - iMbaqhwa

Monadnock (Inselberg) - iDwala

Moraine - iMfukuma

Moulin - iPhomela

Mountain - inTaba

Mountain pass - iNtuba/isiGece

Nunatak - iMbulekwana

Proglacial lake - iChibilika

Outwash fan - iMpephala yomHlangulwa

Outwash plain - iThafa lomHlangulwa

Pingo - iQhwagquma

Rift valley - isiGodi esinyonga

Roche moutonnée - umPhece

Side valley - isiGodi esingenela

Summit - isiQongo

Trim line - umuShwi

Truncated spur - iNtululombe

Tunnel valley - isiGodi esibhalu

Valley - isiGodi

U-shaped valley - isiGodi esibubene

Izintaba zakwaZulu

[hlela | Hlela umthombo]

iNhlangakazi

Isibuyaze

Imbubu

Umhlumayo

Umhlumba

Igqokli

Umkhambathini

Isibubulungu

Enhlazuka

ILenge

EThaleni

Isandlwana

UDlokwe

EQhudeni

Injesuthi

Ingomankulu

Ongoye

UKhahlamba

IMahwaqa

INkumba

UNomandafu

UBombo

Inyoka'hlaza

Esphonya

Ujantoni

Ubhavu

UMsikazi

iSiphofu

UMabhoboza

uDlangobe

EMadlozi

Nolangeni

N̈gele

Kwansense

Kwanogajuka

Kwantabani

Kumemfu

Kwabhecwa

pitsholi(mooiriver)

Iloyi

Umagojela

UMkholombe

ISimambe

Golide

Mkobi

Zibhiza

Sguqa

Nowangu

Ntsizwa

Isicoco

Umtheku

Izinyambe

Inyoni

ikhwelenye

INgqiya

Hlazakazi

Silutshane

Siphezi

iSthundu

iNyamazane

iSambabe

Imbulwane

NKANDE

Ntababomvu

IPASWANA

UQWEQWE

UMHLUNGWANE

UMPHONDI

Inyonithwele

IDumbe

ILoyi

UNgununu

IBazangoma

UMkhuphane

IZingudeni

ULembe

IHloko

UMagidela

INgcaka/iNcaka

ISimakade

UMhlongamvula

UMbongweni

UKhoza

INgodini

UMkhabela

UThalagu

UZidulini

ISinqeni

UMabhudazela

ISiphundu

INdonya

UQolweni

UZiqongwana

Bheka futhi

[hlela | Hlela umthombo]